Noma yimuphi umuntu osebenzisa le-website kumele alandele nokuvuma ukulandela imibandela nezimo zokusebenzisa njengoba kubekwe kule nothisi yomthetho Uma umsebenzisi engafisi ukuphoqelelwa yile mibandela nezimo umsebenzisi akumela angene kwi-website, akhombise izinto ezikuyo, asebenzise, noma akhiphe izinto kuyo kanye/noma ukwenza ikhophi noma ukusabalalisa okuqukethwe kule website.
Abasebenzisi bangabuka, benze amakhophi, bakhiphele kumakhompyutha abo, baprinte, basabalalise okuqukethwe kule website, noma ingxenye yayo ukusebenzisa ulwazi noma ukuchaza lapho abakuthole khona kuphela, kanti futhi lokhu bangakusebenziseli inzuzo ngezemali.
Abasebenzisi abafisa ukusebenzisa okuqukethwe kule website ngenhloso yezokuzuza imali, ngeke bakwenza lokho ngaphandle kokuthi baqale bathole imvume ebhaliwe, etholakala kuWeb Manager kule nombolo yocingo ethi: +27 12 314 2140 noma ngokuthumela i-email ekhelini elithi electronic@gcis.gov.za. Ukukhiqiza futhi kanye/noma ukwenza amakhophi okuqukethwe kuyo noma ingxenye yayo, ngenhloso yezezimali kumele kuhambisana nale nothisi yelungelo lobunikazi ngokuphelele.
Onke amalungelo obuqotho nokulunga kanye noma yimaphi amanye amalungelo ezokuXhumana koMbuso noma ezinye izinhlangano zomthetho maqondana nengqikithi emaqondana nakho kule website angabekwanga obala, kusho ukuthi agodliwe.
Lolu lwazi kule website lunenhloso yokunikeza ngolwazi olunabile maqondana nesihloko esithile noma izihloko, kanti futhi alunikeze yonke injula ngalesi sihloko.
Kungumsebenzi osemahlombe omsebenzisi ukuzenelisa yena ngaphambi kokuba angene kule website, ngokuthi le website izohlangabezana nezidingo zakhe siqu umsebenzisi, kanye nokuhambisana ne-hardware kanye/noma i-software yakhe. Ulwazi, imibono kanye nemiqondo kule website, akumele kuthathwe ngokuthi yiseluleko esiprofeshinali, noma umqondo osemthethweni we-GCIS, noma enye inhlangano ebhaliswe emthethweni maqondana nolwazi, imibono noma imiqondo evezwa kule website. Abasebenzizi bakhuthazwa ukubonisana nabolwazi lweprofeshini ngaphambi kokuba bathathe noma yiliphi inyathelo maqondana nolwazi, imibono, noma imiqondo evezwe kule website.
Abe-GCIS abenikezi kumela noma amawaranti, abekwe ngendlela engaqondile ngqo noma ngenye indlela , ukuthi kuyothi phakathi kokunye, ingqikithi equkethwe lapha kanye netheknoloji etholakala kule website akunawo amaphutha, okweqiwe ngephutha , noma ukuthi inkonzo izoba ngengaphazamiseki ukufinyelela ku-100%, nokuthi ayinawo amaphutha, noma izohlangabezana nombandela wesici esithize ngokwenziwa komsebenzi noma iqophelo. Le site inikezwa njengoba injalo ("as is") Abe-GCIS bazikhipha kowo wonke amacala abekwe ngendlela engaqondile ngqo (implied), amawaranti, okubandakanya kodwa hhayi khona kuphela, amawaranti ezendayizo (merchantability), itayitele, ukuqina nokulungela inhloso ethile, ukungaphazamisi amalungelo, ukuhambelana ukuvikeleka, ukuqondana ngqo, kanti futhi ayimeli ngokuqonde ngqo noma ngkungaqondile ngqo noma ukunikeza amawaranti ngengqikithi yokuqukethwe kwi-website, kanye nokuthi i-website kanye nokuthi i-website iqokelelwe ngendlela ezohlangabezana nezidingo eziqondene nomuntu nomuntu siqu.
Umsebenzisi we-website wenza lokhu ngokuzibeka yena engozini njengomsebenzisi Umsebenzisi kumele athwale konke emahlombe akhe okumaqondana nobungozi noma ukulahlekelwa okungaba wumphumela wokusebenzisa ingqikethi equkethwe kule website. Abe-GCIS noma enye inhlangano ebhaliswe emthethweni maqondana nolwazi oluqukethwe lapha kule website, noma abasebenzi be-GCIS noma enye inhlangano enjalo, ngeke bafakwa ecaleni ngenxa yomphumela oyisipesheli, ongaqondile ngqo, ohambisana nalokho, noma ukulinyalelwa okubi noma yikuphi okunye ukulinyalelwa noma kwisimo sekontraki, umthetho , isenzo esingeyiso ngokomthetho noma ukuphazamisa ilungelo , ; noma okunye okuqondene nokusebenzisa le dokhumende noma ulwazi. Uma okunye okukhona kungasebenziseki ngenxa yanoma yisiphi isizathu, okulandelayo kuyoqhubeka nokusebenza. Ngokulandela izigaba 43 no-43 zomthetho we-Electronic Communciations and Transactions Act 25 of 2002 (umthetho wezokuxhumana nokusebenzisa inqubo ye-elektroniki), abe-GCIS ngeke bafakwa ecaleni ngokulinyalelwa, ukulahlekelwa noma icala kwanoma yiyiphi inhlobo okwenzeka ngenxa yokusebenzisa noma ukungakwazi ukusebenzisa le website, noma izinkonzo (amasevisi), noma okuqukethwe kule website.
Abe-GCIS banamazinga afanele kwezentengo yetheknoloji kanye nenqubo yokuvikeleka ekusebenzeleni ukuvikela lonke ulwazi olunikezwa ngabasebenzisi ukuthi lungalahleki, lusetshenziswe kabi, lushintshwe noma lubhidlizwe. Kuzothathwa zonke izinyathelo ezifanele ukuvikela ulwazi lomsebenzisi. Abasebenzi abagunyaziwe ababhekene nokunakwa kolwazi oluyimfihlo olunikezelwe, kumele bagcine imfihlo yalolo lwazi. Umgomo usebenza kubo bonke abasebenzi bakwa-GCIS, noma izinhlangano zikahulumeni ezingamukela ulwazi oluvela kwabe-GCIS. Kuvinjelwe wumthetho kunoma yimuphi umuntu, ibhizinisi, inhlangano, ukuthola, noma ukuzama ukuthola ukungena ngendlela engekho emthethweni kunoma yiliphi ikhasi kule-website, noma ukufakela noma ukuzama ukufakele noma yiyiphi ikhodi engagunyaziwe, elimazayo, noma yolunya kule website. Uma umuntu efakela noma ezama ukufakele ikhodi engagunyaziwe, elimazayo noma yolunya kule website, noma ezama ukungena ngendlela engekho emthethweni kunoma yiliph ikhasi , lowo muntu kule website, lowo muntu uyobekwa icala lokweqa umthetho, kanti uma abe-GCIS noma yimuphi umkhakha kahulumeni ulimazeka noma ngayiphi indlela, uyovula icala lembuyekezo ngokulinyalelwa.
Siyakwemukela ukuthi abanye abantu besithathu bazixhumanise nolwazi olufakelwe kulama khasi.
Lokhu kungasiza ngokuxhumanisa kwamanye ama-website njengento nje ewusizo , kanti noma yikuphi ukuxhunyaniswa akusho ukuthi abe-GCIS bavumelana nalawo ma-website. Ama-website axhumanisiwe noma amakhasi awekho ngaphansi kolawulo lwe-GCIS. Abe-GCIS abanawo umsebenzi emahlombe abo noma ukuba necala ngokuqonde ngqo noma ngokungaqondile ngqo nanganoma yiyiphi indlela maqondana nokuqukethwe, ukusetshenziswa noma ukungakwazi ukusetshenziswa noma ukufinyelela noma yiwaphi ama-website axhunyanisiwe , nonoma yiyiphi imixhumaniso atholakala kuma-website axhunyanisiwe (linked websites).
Isitatimende semfihlo sisebenza kwabe-GCIS kanye nakunoma yiyiphi inhlangano ebhalise ngokomthetho elawula, eqinisekisa noma esebenzisa ulwazi olungaqokelelwa ngokusebenzisa le-website.
Ngisho noma abe-GCIS benganikeza ulwazi lwabasebenzisi kwabanikeza ngezinkonzo abasebenza ngowlazi egameni labo, ngeke banikeza abantu besithathu ulwazi, noma eminye imikhakha kahulumeni ukuze ilusebenzisele ezinye izinhloso noma izinhloso ezingaqondene, ngaphandle kokuba lokho kuye kwadalulwa ngesikhathi sokuxhumana.
Ulwazi lomuntu siqu lungadluliselwa kumikhakha yamazwe omhlaba ngabe-GCIS noma kubantu besithathu ngezinhloso ezingenhla. Lokhu ngeke kwabandakanya ukudluliseka kumazwe angenayo imitheshwana yolawulo lokuvikelwa kolwazi efana naleyo ekhona kuzwe okuhlala kulo umsebenzisi. Ngokunikeza ulwazi kwabe-GCIS ngale website, umsebenzisi uvumela ukudluliselwa kwalolo lwazi.
Lapho kufanele khona, ulwazi lomuntu siqu lungadalulwa kwabomthetho, kwabezinqubo zolawulo, noma kwimikhakha kahulumeni, noma abesithathu lapho kufanele khona, noma kuyinto efanele ukulandela imithetho, noma izibopho zenqubo yolawulo, noma ngezinhloso ezibekwe ngenhla.
Uma kunikezwe ngolwazi lomuntu siqu kule website, abasebenzisi abafisa ukubuyekeza ulazi lwabo ziqu bangenza lokho ngesicelo sokucela ukubuyekeza ngokusebenzisa i-feedback link. Ngemuva kwalokho, abasebenzisi bazokwazi ukufinyelela ama-profile abasebenzisi, ukuqondisa lolo lwazi kanye nokufakela imininingwane yabo yakamuva noma ukukhipha amagama kuhla noma kunini. Abasebenzisi abanenkinga yokuthola ama-profile abo, noma abafuna ukucela ikhophi yolwazi lwabo ziqu, kumele baxhumane no-web administrator ngokusebenzisa i-feedback link. Kuzo zonke izimo, abe-GCIS bazobhekana nezicelo zokufinyelela kulwazi, noma ukushintsha ulwazi ngokulandela izidingo zomthetho ezisebenza kulesi sigaba.
Akukho okutholakala lapha ngaphakathi, okubanga noma okunenhloso yokubanga ikontraki noma isivumelwano phakathi kwabe-GCIS kanye nomsebenzisi ovakashela i-website.
Abe-GCIS bamukela ukubaluleka kokuvikela imfihlo yangasese yezingane ekuxhumaneni ngokwe-online kuwo wonke umhlaba.
Lezi zimo nemibandela zokusetshenziswa ziyisisekelo esiphelele sobudlelwane obuprofeshinali, noma obunye ubudlelwane phakathi kwabe-GCIS kanye nale-website. Noma yikuphi ukuhluleka ngasohlangothini lwabe-GCIS ukusebenzisa noma ukulandela noma yiliphi ilungelo noma okubekiwe kule mibandela nezimo zokusebenzisa ngeke nanganoma yiyiphi indlela kwaba wukugudlulela eceleni kwalelo lungelo noma lokho okubekiwe Uma umbandela othize noma isimo esithize sokusebenzisa le website singasebenziseke ngkugcwele noma singasebenziseki ngenxa yanganoma yisiphi isizathu, lowo mbandela noma leso simo ziyonqumeka kweminye imibandela nezimo. Imibandela nezimo ezisele ngeke zachaphazeleka ngalokho kunqumeka noma ukungasebenziseki, nakhona kuyohlala kusebenza.
Abe-GCIS benelungelo lokushintsha ukuhlela ngenye indlela , ukungezela noma ukususa izingxenye ezithile noma yonke le mibandlela nezimo zokusebenzisa ngezikhathi nezikhathi. Izinguquko kule mibandela nezimo zokusebenzisa ziyoqala ukusebenza ngaleso sikhathi sezinguquko lapho zifakelwa kule website. Kuyisibopho esisemahlombe omsebenzisi ukuthi ngezikhathi nezikhathi ahlole imibandela nezimo zokusebenzisa le websiste noma izinguquko noma ulwazi olusha olusanda kufakelwa. Ukuqhubeka komsebenzisi ukusebenzisa le website, ngemuva kokufakelwa kwezinguquko noma ulwazi olusha, kuyothathwa ngokuthi lowo msebenzisi uyitholile inothisi kanti futhi wemukela ukuzibophezela ngayo le mibandela nezimo zokusebenzisa, okubandakanya izinguquko nolwazi olusha.
